Abazali abaningi babhekana nezinkinga uma izingane zabo sezingena esikhathini sobudala (Adolescence). Ngokusho kwama Psychologist athi lesi isikhathi esidala umehluko omkhulu empilweni yengane, kanti ukuqhuma kwezitho zomzimba ebezingekho zingayithusa ingane uma ingatshelwa ngalolushintshon ekhaya.
Izinkinga eziningi ziqala khona ekhaya uma kunezimfihlo, noma umzali esaba ukukhuluma nomtwana ngoba engafuni ukwamukela ukuthi umtwana wakhe uyakhula.
Umtwana uyasaba ukuxoxa ekhaya ngezinkinga abhekana nazo uma ekhaya bembuka njengomuntu omncane ongenacala. Kuyenzeka umzali angafuni ukukhula nomtwana kodwa yena engazelele ngalesi senzo, loku kanti kungadala olukhulu uqhekeko phakathi komzali nengane yakhe.
Uma umtwana engayitholi inkululeko nokunconywa okwanele ekhaya uyaqala akufune ezindaweni ezimbi nakubantu abangenawo amaphupho amahle nenkathalo ngaye.
Uma umtwana ekhula kusukela eneminyaka emibili ubanemibuzo eminingi mayelana nempilo Kanye nezinto ezisuke zise duze kwakhe, Lemibuzo ayipheleli lapho kodwa iyaqhubeka ngenkathi umtwana ekhula ebona ezinye izinto ezinye edlula kuzona mathupha. kuthiwa ngesilungu "We are never too old to need our parents" noma ungakhula kangakanani kodwa uyamdinga umzali wakho ngoba uma usubhekana nezigqinamba empilweni kuba uyena okucathulisayo ngoba nendlela ibuzwa kwabaphambili.
Ukwantuleka kobudlelwano phakathi komzali nengane kwenza izingane uma zinemibuzo, ziyobuza kontanga bazo. Ontanga bazozitshela loku okuthandwa yibona, noma loku abakutshelwa emakhaya abo nabo, okungenzeka ukuthi ngeke kuyisiqondise enye ingane ngoba emakhaya sikhuliswa ngezindlela ezingafani kanjalo nezimfundiso emakhaya azifani.
Kuyinto esemqoka ukuthi umzali ayibuze imibuzo ingane yakhe ngesikole, abangani bayo Kanye nezinto zasekhaya loku kungabukhulisa ngeqophelo eliphezulu ubudlwelwano obuphakathi kwabo. Eminye yemibuzo ingenza ingane ihleke kodwa emumva kwaloko iyakwazi ukubhoboka kumzali wayo. Kubalulekile ukuthi uma sekuyithuba lengane ukuthi ibuze imibuzo umzali alalele ngothando nangesineke ingethuki,ngoba abanye abazali bavele bethuke uma bezwa ezinye izinto bese bephendula ngolaka loko kungayibalekisa ingane.
Umzali akaphendule ngendlela ezoshiya omunye umbuzo enganeni ngoba loku kungayikhulisa kuphinde kuyixwayise.
Kuba mnandi kakhululu uma inkulumo iholela umzali ukuthi naye axoxe ngezakhe naye izigameko lokhu kungenza ingane imethembe umzali iphinde yazi ukuthi edlula kukona kusasodlula. Uma ubudlelwano bubuhle nomzali nengane zincane kakhulu izinkinga abangaba nazo.
Nokuphila N