Monday, 21 December 2015

Abesifazane abehlise ophuzweni oludakayo ukugwema ukuhlukunyezwa

Abesilisa abehlise udlame olubhekiswe kwabesi fazane, kanjalo nabesifazane asbehlise ophuzweni oludakayo.

Ngiyathanda futhi ukunikhuthaza ukuthi niziphathe kahle ukugwema ukuhlukunyezwa ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka lapho kuwo wonke umuntu kuduma injabulo namaholidi.
Kubantu besifazane angiboni ukuthi uphuzo lubaluleke okudlula isithunzi sabo, ngoba phela akunakuphikiswa ukuthi abesifazane bubangena kabi utshwala egazini baze bakhumule izingubo zabo. Abanye bavuka sebangazazi nokuthi balalephi beholwe abantu abangabazi kwazi banike ukuthi bacoshe ziphi izifo kulowomnyama.
Ake sikugwebe ngempela nako ukuholwa loku njengoba sekukhona namaBoys. Kuthiwa kukhona labobhuti noma obaba abanemali abafike bawaphuzise amantombazane bese uma esephuzile bawalalile nama boys okuyizilwane zawo okuthiwa ziwalandela imali.

Isikhathi sika Khisimusi isikhathi senjabulo, futhi ngibona ukuthi nomkhankaso ka “16 Days of Activism” ukungumkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane ube ngalesi sikhathi ukuze sisajabula nje singakhohlwa ukuvikela laba abangakwazi ukuzivikela.Kulonyaka ka 2015 kuzobe kungunyaka ka 24 kwaqalwa lomkhankaso eningizimu Afrika.
Uma sengiphetha ngivumele ngicacise ukuthi abesifazane abangazifaki ezimweni lapho bengahlukunyezwa noma balulazwe khona egameni lenjabulo. Abesilisa siyacela ukuthi bahloniphe bonke abesifazane, akubalulekile ukuthi baziphethe kanjani kodwa babahloniphele ephuzwini lokuthi bangumfanekiso kaNkulunkulu.