Monday, 21 December 2015

Abesifazane abehlise ophuzweni oludakayo ukugwema ukuhlukunyezwa

Abesilisa abehlise udlame olubhekiswe kwabesi fazane, kanjalo nabesifazane asbehlise ophuzweni oludakayo.

Ngiyathanda futhi ukunikhuthaza ukuthi niziphathe kahle ukugwema ukuhlukunyezwa ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka lapho kuwo wonke umuntu kuduma injabulo namaholidi.
Kubantu besifazane angiboni ukuthi uphuzo lubaluleke okudlula isithunzi sabo, ngoba phela akunakuphikiswa ukuthi abesifazane bubangena kabi utshwala egazini baze bakhumule izingubo zabo. Abanye bavuka sebangazazi nokuthi balalephi beholwe abantu abangabazi kwazi banike ukuthi bacoshe ziphi izifo kulowomnyama.
Ake sikugwebe ngempela nako ukuholwa loku njengoba sekukhona namaBoys. Kuthiwa kukhona labobhuti noma obaba abanemali abafike bawaphuzise amantombazane bese uma esephuzile bawalalile nama boys okuyizilwane zawo okuthiwa ziwalandela imali.

Isikhathi sika Khisimusi isikhathi senjabulo, futhi ngibona ukuthi nomkhankaso ka “16 Days of Activism” ukungumkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane ube ngalesi sikhathi ukuze sisajabula nje singakhohlwa ukuvikela laba abangakwazi ukuzivikela.Kulonyaka ka 2015 kuzobe kungunyaka ka 24 kwaqalwa lomkhankaso eningizimu Afrika.
Uma sengiphetha ngivumele ngicacise ukuthi abesifazane abangazifaki ezimweni lapho bengahlukunyezwa noma balulazwe khona egameni lenjabulo. Abesilisa siyacela ukuthi bahloniphe bonke abesifazane, akubalulekile ukuthi baziphethe kanjani kodwa babahloniphele ephuzwini lokuthi bangumfanekiso kaNkulunkulu.

Tuesday, 17 November 2015

Igqubu Lingakubulala Likuqede




Igqubu Lingakubulala Likuqede

Kulengosi namhlanje sizobheka imbangela enkulu ebanga ukufa kwengaphansi lomuntu esingabuye sikuchaze njengokuba nenhliziyo embi. 
Ukubamba igqubu kungezinye zezinto ezibanga inhliziyo embi nenzondo.

Kubalulekile ukuxolela uma wenziwe kabi ngoba ukubamba igqubu kubulala wena ngaphakathi, uke uthole ukuthi abanye abantu abasakwazi ukuphumelela empilweni ngenxa yamagqubu awabambe enhliziyweni.
Uma ubuka loku kungaqhubeki empilweni ngenxa yegqubu kusuke kungalimai impilo yalomuntu omubambeke igqubu, kodwa kusuke kume eyakho impilo. 

Umenzi wegqubu usuke ephumelela kwesinye isikhathi ejabule esakhohlwa nokuthi wake wakwenza okubi kodwa wena umile nenhliziyo eyitshe.
Omunye owazi izinto wathi uma ufuna ukuhlabekisa izitha, zihlabekise ngempumelelo ngoba ayikho into ecasula isitha njengokubona lo ohlukunyeziwe ephumelela empilweni.

Omunye angabuza ukuthi ungamxolela kanjani umuntu okwenze okubi, mina ngingathi noma ngabe kukhulu kangakanani, akubalulekile okudlula impilo yakho nempumelelo yakho. Ngakhoke  ukuxolela nokudlulisa kuyisinqubo somuntu eyedwa.
Lesi sinqumo siqukethe into enkulu okuwukukhululeka kwenhliziyo nokuphikelela kuloku okubaluleke okudlula igqubu.

Sengiyiphetha nje lengosi ngizokhuthanza bantu bakithi ukuthi asiyeke amagqubu ngoba avimba impumelo kuloyomnyama asincisha injabulo nenkululeko.

Wednesday, 2 September 2015

Kwaphuma Ibhayibheli kwafakwa amakhondomu Ezikoleni



Kwaphuma Ibhayibheli kwafakwa amakhondomu Ezikoleni.

 By: nokuphila N

 Ngithi lafa elihle kakhulu, bengithi lomkhuba wokufakwa kwamakhondomu ezikoleni nezamabanga aphansi uzogwenywa noma kusetshenziswe enye indlela ukusiza idlanzana lezingane ezisaziphethe kahle, kodwa kuyacaca ukuthi kuthiwa azilime ziyetsheni abafundi abazitike ngocansi kungakabi isikhathi inqobo nje uma bezivikela.

Ngokusho kombiko oshicilelwe kwi website ye “Love life” uthi kunezinhlangothi ezimbili kuloludaba. Uhlangothi lokuqala oluthi ukufakwa kwamakhondomu ezikoleni kusho ukwehlulwa yimpi yokunqanda abafundi ngokuzimbandakanya ocansini, nokukhula kwezinga lezingane ezikhulelwayo zisafunda isikole. Uhlangothi lwesibili luthi ukufakwa kwamakhondomu ezikoleni kubhebhethekisa ukwenziwa kocansi.

Ukuba khona noma ukungabikho kwamakhondomu akwenzi ukuthi izingane zenze ucansi, kodwa kwenza izingane zicabange ukuthi ukwenza ucansi zisencane kuyinto efanele nengaselona ihlazo. Sekuyinto nje engasasabeki nengasenaso isithunzi njengona izingane sezifaka ngisho nako facebook izithombe nama-video bangesabi nesithunzi sabo.

 Konakele kakhulu ezweni lethu ngenxa yokukhula kwe technology nokubukwa kakhulu izinto ezingakhi kumabonakude, abantu sebephelelwe unembeza nokwazisa izinto okungamele zinekelwe izwe.

Omunye umkhokha obhebhethekisa lemikhuba ezikoleni ekakhulukazi zethu thina ndlemnyama ukuphuma kwezifundo zezenkolo ezikoleni. Ngokusho kwabantu abadala bathi lezifundo zazenza abantu bawazi nomthetho kaNkulunkulu. Kodwa ngokuphuma kwalezi zifundo kwenze abantu baziphathise okwezilwane.

Uma sengiphetha lengosi ngizonxusa ukuthi kukhulu okusamele kwenziwe izinhlangano ezisemkhakheni wokubhekela izidingo zabantu abasha, Kanye namabandla ukuthi kubuyiswe isithunzi nobuntu ezikoleni. Izikole akungani inkundla zokuphuza nokubhema nokwenza ucansi. Akuthi noma abafundi benikwa okokuzivikela kodwa bayazi nengxenye yobungozi mayelana nokuzibandakanya kwezocansi ungakafiki ebudaleni. Kuphinde kusetshenzwe kanzima ukubuyisa isithunzi socansi ngoba manje sekujike kwaba umdlalo wezingane zesikole.

Thursday, 23 July 2015

We are Never Too Old to Need Our Parents (Noma Ungakhula Kangakanani Uyamdinga Umzali)


 
Abazali abaningi babhekana nezinkinga uma izingane zabo sezingena esikhathini sobudala (Adolescence). Ngokusho kwama Psychologist athi lesi isikhathi esidala umehluko omkhulu empilweni yengane, kanti ukuqhuma kwezitho zomzimba ebezingekho zingayithusa ingane uma ingatshelwa ngalolushintshon ekhaya.
 
Izinkinga eziningi ziqala khona ekhaya uma kunezimfihlo, noma umzali esaba ukukhuluma nomtwana ngoba engafuni ukwamukela ukuthi umtwana wakhe uyakhula.
Umtwana uyasaba ukuxoxa ekhaya ngezinkinga abhekana nazo uma ekhaya bembuka njengomuntu omncane ongenacala. Kuyenzeka umzali angafuni ukukhula nomtwana kodwa yena engazelele ngalesi senzo, loku kanti kungadala olukhulu uqhekeko phakathi komzali nengane yakhe.
 
Uma umtwana engayitholi inkululeko nokunconywa okwanele ekhaya uyaqala akufune ezindaweni ezimbi nakubantu abangenawo amaphupho amahle nenkathalo ngaye.
Uma umtwana ekhula kusukela eneminyaka emibili ubanemibuzo eminingi mayelana nempilo Kanye nezinto ezisuke zise duze kwakhe, Lemibuzo ayipheleli lapho kodwa iyaqhubeka ngenkathi umtwana ekhula ebona ezinye izinto ezinye edlula kuzona mathupha. kuthiwa ngesilungu "We are never too old to need our parents" noma ungakhula kangakanani kodwa uyamdinga umzali wakho ngoba uma usubhekana nezigqinamba empilweni kuba uyena okucathulisayo ngoba nendlela ibuzwa kwabaphambili.
 
Ukwantuleka kobudlelwano phakathi komzali nengane kwenza izingane uma zinemibuzo, ziyobuza kontanga bazo. Ontanga bazozitshela loku okuthandwa yibona, noma loku abakutshelwa emakhaya abo nabo, okungenzeka ukuthi ngeke kuyisiqondise enye ingane ngoba emakhaya sikhuliswa ngezindlela ezingafani kanjalo nezimfundiso emakhaya azifani.
 
Kuyinto esemqoka ukuthi umzali ayibuze imibuzo ingane yakhe ngesikole, abangani bayo Kanye nezinto zasekhaya loku kungabukhulisa ngeqophelo eliphezulu ubudlwelwano obuphakathi kwabo. Eminye yemibuzo ingenza ingane ihleke kodwa emumva kwaloko iyakwazi ukubhoboka kumzali wayo. Kubalulekile ukuthi uma sekuyithuba lengane ukuthi ibuze imibuzo umzali alalele ngothando nangesineke ingethuki,ngoba abanye abazali bavele bethuke uma bezwa ezinye izinto bese bephendula ngolaka loko kungayibalekisa ingane.
 
Umzali akaphendule ngendlela ezoshiya omunye umbuzo enganeni ngoba loku kungayikhulisa kuphinde kuyixwayise.
Kuba mnandi kakhululu uma inkulumo iholela umzali ukuthi naye axoxe ngezakhe naye izigameko lokhu kungenza ingane imethembe umzali iphinde yazi ukuthi edlula kukona kusasodlula. Uma ubudlelwano bubuhle nomzali nengane zincane kakhulu izinkinga abangaba nazo.
 
Nokuphila N

Wednesday, 3 June 2015

Social networks have killed our family life


Social networks have killed our family life

By: Nokuphila N


Social networks have become a nightmare in families, destroying the family values and family time. Social networks are known to be platforms to build social relations among people who share activities, personal interests, backgrounds and real life connections. All these activities are shared on social networks leaving our homes empty because all the time is spent chatting on line, facebook, whatsapp, mxit, twitter and many more.

Time spent on social networks leave no time for a normal conversation with someone you are sitting with, this has happened to me many times when with people they just take out their phones and chat like it’s a normal act to perform.

An interpersonal conversation has lost the meaning, ever since social networking communication is growing very high. More people are using social media services than ever before. For example facebook is the fastest growing social media with more than 6, 1 million South Africans subscribing. It is registering more than 1million new members in 1 month.

Facebook is a perfect demonstration of how social media have managed to transcend age boundaries. In the past years elders believed that facebook is for teenagers but recent research shows that between August 2011 and August 2012 the elders usage has grown to 44% for people over the age of 60 years. This is the age in the olden days where grandparents will sit down with grand children and share stories that build the children up and teach them more about their cultural values, customs and knowledge about their identity. In our days we have lost so much identity because less time is spent with family.

I always recall the sadness and misery we feel when there is power shading, you will hear massages like” ouch I didn’t charge my devices” this compliments that social networks have become part of our daily lives, not only with good results but with bad ones also that destroys us and our future.

Long time ago people met in different places like taxis, playgrounds and many more, but now people do not care much about the real people in the real world, they only talk with their devices they get so glued in them that they will not notice if something were to pass in front.

Social networks are good and crucial in work places, as they contribute so much in communication and productivity to widen business contacts. It is more effective because it’s free and it doesn’t have security and control. Children do not play games outside anymore but they sit indoors on social networks that expose them into all dirty things due to no security and age restriction.
Social networks will continue to grow because more people are joining the movement. Technology advancement is contributing to this growth helping everyone with all the technical tools to keep up. What is important is that we use the social media the right way not to sabotage our quality time with our beautiful families because we need each other to survive.

Monday, 18 May 2015

Know your Learning Style

Each Person is created Differently and the way we Grasp Information Differs

Each person is created in a different way and brought up with in a different way, making all of us special in a unique way. People absorb information in a different way as well. Each person need to understand the ways that works for them when our bodies take in information.
There are learning styles known as “Perceptual learning styles” that refers to how our bodies absorb information. We have five senses that take in information.
Commonly, researchers identify auditory, visual, and kinaesthetic learning styles. Harvard professor and author Howard Gardner coined the term multiple intelligences to describe how we process information after it is absorbed into our minds.
Learning styles are an answer to this question: do you prefer to learn through movement, or through sight, or through listening? Auditory learners are simply those who prefer to take information in through hearing. Visual learners prefer information through sight; and kinaesthetic learners, through movement/touch.
Most people have a dominant and a secondary learning style, whether we are aware of it or not. Sometimes a person’s learning preference is evenly distributed among all three learning styles.

We need to understand the styles that works perfect for you to remember all that you have learnt in the time that you need it.

by: Nokuphila N

Tuesday, 12 May 2015

Ubuhle bangaphandle VS Ubuhle bangaphathi

 Osisi baze basho ukushayana bakhiphane amehlo noma bazondane impela bebanga ukuthi kwathiwa omunye muhle kunomunye. Iqiniso lithi loku kokubili akusoze kwafana noma kwaqhathaniswa ngoba kunemithelela engafani.
Umuntu onobuhle bangaphakathi uthandeka okudlula lo ozibona ewu Beyoncé ngakabo, ngoba ubuhle obunomthelela omuhle ubuhle bangaphakathi. Okuhle kakhulu ngabo ukuthi abapheli buqhakaza njalo. Ubuhle bangaphandle nabo asiphiki buhle kodwa bungasidonsela izinkinga uma uthembela kubona kakhulu ngoba ngeke ulazi ilanga lebhadi lapho ungalimala noma ushe buphele.

Ibhayibheli nalo liyakufakazela ukuthi ubuhle bangaphandle buyize kodwa bonke abantu abahlobe ngobuhe bangaphathi (1 Petru 3;4) okulobuhle obuyosingenisa nasezulwini ngob buthela izithelo ezinhle.

Thursday, 5 March 2015

Woman that make their own money be like.


Girls That Make Their Own Money Be Like

The time has past now where you will see woman sitting down and waiting for man to provide everything for them. This new evolutions is extremely encouraging to young woman to be confident and independent something our fore fathers never dreamed of.

Woman in the past where not given opportunities to have careers and have their own businesses. They were only good for house hold duties and making  and raising babies. 
It was reported a major problem in the year 2000 that woman businesses were slow, especially black woman businesses where slow and had sporadic growth.

 From the book Woman in Business 2014 it summarises the progress made by the Woman Business Forum (WBF) in contributing to the rapid growth of woman in business and in high career positions. The book states that between the year 2002 up to 2012 many woman owned and managed registered businesses, so as in proportion of sits in parliament which was 45 in 2014 higher than the previous years.

The main question now is " Do man Feel intimidated by woman in higher places?.

By Nokuphila

Wednesday, 14 January 2015

The Importance of New year Resolutions


                                                                                                               Sekubu ihlaya manje ukuba nama new year resolutions ngoba abantu bayithatha njengento yokudlala
 ngiyacabanga uzwile nje sebesho ukuthi "hawu waqala unyaka usuzozwa abantu with their new year new me shit". Angikunambithisisanga kahle mina loku ngoba kubalulekile ukuba nama resolutions noma izifiso zonyaka omusha ngoba loku kuyasiza kuqaqa inqqondo iphume kumoya wamaholidi nefestive.

Ukwenza loku kuphinde kukukhuthaze futhi ukuthi ungene onyakeni omusha ulungele futhi ulindele ngenxa yokuthi unezinto ozinqumele zona ukuthi uzenze unyaka ungakapheli. Ukwenza loku kuphinde kuqgugquzele ipositive attitude zibekwa nje unyaka uqala.
Ngiyathemba futhi ukuthi akekho umuntu onenqgondo ephusile kodwa ofuna ukuhlala endaweni eyodwa njalo angakhuli adlondlobale, kodwa sonke unyaka nonyaka kumele sibe nezinto esizifisayo ezizosiholela empumelelweni sisizwa umdali wethu.

Lonyaka ka 2015 osuqanjwe ngokuthi u " Twenty Fit In and Twenty Fix it" ngiyathemba ukuthi sonke singene sinalomgono wokuthi sizolungisa okungahambanga kahle ngonyaka odlulile siphinde siqhubeke futhi senze okuhle okwenzeke ngo 2014 kube okuhle kakhulu, njengoba siphinde sabusiswa kangaka uNkulunkulu ngomunye onyaka wokuthi sikhule siphinde sifunde bese sijabule kunyaka ka 2015 sisaphila.

Nokuphila N

About Me

Hi Everyone and welcome to my blog.

my name is Nokuphila Sokhela a published Journalist. I have a passion for writing which i don't have to ignore because of unemployment. I believe a good writer is made of passion, dedication and a whole lot of inspiration from other writers.

In this blog i am going to post my articles and my views as i put my foot in the door.

thank you