Tuesday, 17 November 2015

Igqubu Lingakubulala Likuqede




Igqubu Lingakubulala Likuqede

Kulengosi namhlanje sizobheka imbangela enkulu ebanga ukufa kwengaphansi lomuntu esingabuye sikuchaze njengokuba nenhliziyo embi. 
Ukubamba igqubu kungezinye zezinto ezibanga inhliziyo embi nenzondo.

Kubalulekile ukuxolela uma wenziwe kabi ngoba ukubamba igqubu kubulala wena ngaphakathi, uke uthole ukuthi abanye abantu abasakwazi ukuphumelela empilweni ngenxa yamagqubu awabambe enhliziyweni.
Uma ubuka loku kungaqhubeki empilweni ngenxa yegqubu kusuke kungalimai impilo yalomuntu omubambeke igqubu, kodwa kusuke kume eyakho impilo. 

Umenzi wegqubu usuke ephumelela kwesinye isikhathi ejabule esakhohlwa nokuthi wake wakwenza okubi kodwa wena umile nenhliziyo eyitshe.
Omunye owazi izinto wathi uma ufuna ukuhlabekisa izitha, zihlabekise ngempumelelo ngoba ayikho into ecasula isitha njengokubona lo ohlukunyeziwe ephumelela empilweni.

Omunye angabuza ukuthi ungamxolela kanjani umuntu okwenze okubi, mina ngingathi noma ngabe kukhulu kangakanani, akubalulekile okudlula impilo yakho nempumelelo yakho. Ngakhoke  ukuxolela nokudlulisa kuyisinqubo somuntu eyedwa.
Lesi sinqumo siqukethe into enkulu okuwukukhululeka kwenhliziyo nokuphikelela kuloku okubaluleke okudlula igqubu.

Sengiyiphetha nje lengosi ngizokhuthanza bantu bakithi ukuthi asiyeke amagqubu ngoba avimba impumelo kuloyomnyama asincisha injabulo nenkululeko.

No comments:

Post a Comment