Wednesday, 2 September 2015

Kwaphuma Ibhayibheli kwafakwa amakhondomu Ezikoleni



Kwaphuma Ibhayibheli kwafakwa amakhondomu Ezikoleni.

 By: nokuphila N

 Ngithi lafa elihle kakhulu, bengithi lomkhuba wokufakwa kwamakhondomu ezikoleni nezamabanga aphansi uzogwenywa noma kusetshenziswe enye indlela ukusiza idlanzana lezingane ezisaziphethe kahle, kodwa kuyacaca ukuthi kuthiwa azilime ziyetsheni abafundi abazitike ngocansi kungakabi isikhathi inqobo nje uma bezivikela.

Ngokusho kombiko oshicilelwe kwi website ye “Love life” uthi kunezinhlangothi ezimbili kuloludaba. Uhlangothi lokuqala oluthi ukufakwa kwamakhondomu ezikoleni kusho ukwehlulwa yimpi yokunqanda abafundi ngokuzimbandakanya ocansini, nokukhula kwezinga lezingane ezikhulelwayo zisafunda isikole. Uhlangothi lwesibili luthi ukufakwa kwamakhondomu ezikoleni kubhebhethekisa ukwenziwa kocansi.

Ukuba khona noma ukungabikho kwamakhondomu akwenzi ukuthi izingane zenze ucansi, kodwa kwenza izingane zicabange ukuthi ukwenza ucansi zisencane kuyinto efanele nengaselona ihlazo. Sekuyinto nje engasasabeki nengasenaso isithunzi njengona izingane sezifaka ngisho nako facebook izithombe nama-video bangesabi nesithunzi sabo.

 Konakele kakhulu ezweni lethu ngenxa yokukhula kwe technology nokubukwa kakhulu izinto ezingakhi kumabonakude, abantu sebephelelwe unembeza nokwazisa izinto okungamele zinekelwe izwe.

Omunye umkhokha obhebhethekisa lemikhuba ezikoleni ekakhulukazi zethu thina ndlemnyama ukuphuma kwezifundo zezenkolo ezikoleni. Ngokusho kwabantu abadala bathi lezifundo zazenza abantu bawazi nomthetho kaNkulunkulu. Kodwa ngokuphuma kwalezi zifundo kwenze abantu baziphathise okwezilwane.

Uma sengiphetha lengosi ngizonxusa ukuthi kukhulu okusamele kwenziwe izinhlangano ezisemkhakheni wokubhekela izidingo zabantu abasha, Kanye namabandla ukuthi kubuyiswe isithunzi nobuntu ezikoleni. Izikole akungani inkundla zokuphuza nokubhema nokwenza ucansi. Akuthi noma abafundi benikwa okokuzivikela kodwa bayazi nengxenye yobungozi mayelana nokuzibandakanya kwezocansi ungakafiki ebudaleni. Kuphinde kusetshenzwe kanzima ukubuyisa isithunzi socansi ngoba manje sekujike kwaba umdlalo wezingane zesikole.

1 comment:

  1. Kushubile ezikoleni, ngiqinisekile ukuthi abazali abavumelani nokufakwa kwamakhondomu ezikoleni.

    ReplyDelete