Monday, 7 March 2016
Imfundo Ifa Laphakade
Imfundo Ifa Laphakade
Namhlanje ngithanda sike sibheke ukubaluleka kwemfundo njengoba kuyisifiso sawo wonke umzali ukuthi ingane yakhe ifunde ukuze ibe nekusasa eliqhakazile.
Lapha emhlabeni kunethikithi elilodwa elikuyisa empumelelweni, lelithikithi liyimfundo ngoba ngisho sekuthiwa uyintandane awunabani kodwa uma usebenzise ithuba lokuya esikoleni usuzenzele ifa laphakade into engasoze yakushiya noma yakulahla.
Kuhle ukuthi sikhumbuzane kahle kusaqala unyaka nje ukuthi wonke umuntu onethuba lokuya esikoleni akalisebenzise, akukhathalekile ukuthi usumdala noma unezinkinga iya esikoleni ukuze ulungise ikusasa lakho kanye nelezizukulwane zakho.
Kukhona abantu emakhaya abo okungekho ngisho nomuntu oyedwa nje onesitifiketi sika matikuletsheni angisaphathike eye ziqu zemfundo ephakeme, labo bantu ngiyabathanda kakhulu ngoba ngabantu abangakwazi ukushitsha isimo sasemakubo uma nje bengafuni ukufana noquqaba lonke. Cabanga nje ukuthi laba bokuqala abazoveza ukuthi uyakwazi ukufunda uphumumelele wedwa ekhaya ibona abazoqala isizukulwane esisha esifundile somndeni wabo.
Amathuba axhaphakile kulesikhathi nalohulumeni ophethe wentando yabantu unesifiso sokubona iNingizimu Afrika efundile kungaze kuyofunwa abantu abazogcwalisa izikhala zemisebenzi kwamanye amazwe ngoba kuthiwa INingizimu Afrika ayifundile ngokuseqophelweni elifanele lezo zikhundla.
Ngisilindele ngawehlo abovu isikhathi lapho imfundo yethu izoba sezingeni eliphakeme, ezingeni lamazwe omhlaba.
Lendaba yokuthi uma umntwana ehambile wayofunda phesheya kusho ukuthi usezobangcono kakhulu akungiphathi kahle. Ngiyafisa imfundo yethu sonke ilingane kodwa ngiyathemba njengoba sifunda nje ikusasa leningiZimu Afrika liqhakazile.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
This comment has been removed by the author.
ReplyDelete